Recomienda este artículo a tus amigos:
Nubian Princess Princesses Series Jef Jabbie
Nubian Princess Princesses Series
Jef Jabbie
Abakwa Nubian Princess Series bayayihlonipha intsha yaseZwenikazi i-Afrika. Indaba ngeNkosazane yaseBukhosini bakwaZulu ixoxa ngoMntwana uZinhle nomndeni wakubo ababalekela eSwatini emva kokuzwa ngetulo lokuzama ukusoconga uyise. INkosi u-Andile icabanga ngesu lokugcina amasiko nezinto zendabuko yakhe kungashabalali. Izindlela ezintsha zokuphila zizobathinta kanjani abantwana bakhe? Indodakazi yakhe uZinhle ihlale inemicabango eyahlukile futhi ezimele. Kungayishintsha ukuyiphoqa ukuthi ihambele umkhosi womhlanga? Kuzokwenzakalani uma seyihlangana noMntwana uMandlenkosi, naye ongowokufika eSwatini? Izithombe ezihehayo zikachwepheshe kwezokudweba, uSifiso Yalo, zilunothisile loludaba futhi zizoletha isasasa kubafunndi abaneminyaka yobudala esukela kweyi-6 kuze kufike ngisho kubantu abadala abaneminyakaengama-96. Nazi ezinye izincwadi ezikwiqoqo lalombhali: Indaba ngeNkosazane yamaXhosa, Indaba ngeNkosazane yamaSwati, Indaba ngeNkosazane yamaPedi, Indaba ngeNkosazane yabeTswana, Indaba ngeNkosazane yomaTshonga, Indaba ngenkosazane yomaNdebele, Indaba ngeNkosazane yomaVenda, Indaba ngeNkosazane yomaYourouba, kanye neNdaba ngeNkosazane yomaMandingo
| Medios de comunicación | Libros Paperback Book (Libro con tapa blanda y lomo encolado) |
| Publicado | 27 de febrero de 2022 |
| ISBN13 | 9781990989957 |
| Editores | Fanta |
| Páginas | 78 |
| Dimensiones | 216 × 216 × 5 mm · 204 g |
| Lengua | Zulu |
Ver todo de Jef Jabbie ( Ej. Paperback Book )